Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 119:86 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

86 Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

86 Yonke imiyalo yakho yethembekile, ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

86 Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngokungafanele; uyangisiza

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 119:86
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami, ngisindise ngokomusa wakho,


Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu.


Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.


Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.


Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.


Ngikhulule ezitheni zami; Jehova, ngicashe kuwe.


Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.


Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu; mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.


Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.


Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze.


Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.


Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.


Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ