Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 119:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngiqondise, ngigcine umthetho wakho; yebo, ngizoyigcina ngenhliziyo yami yonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 119:34
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.


Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.


Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.


Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.


Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho.


Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,


Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.


Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.


Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.


Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle; kwavuswa ubuhlungu bami.


Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ