Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 119:144 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

144 Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiqondise, ngiphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 119:144
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu.


Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.


Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.


Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho.


Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.


Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.


Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.


Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ