Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 118:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izwi lenjabulo nelosindiso lisezindlini zabalungileyo: esokunene sikaJehova senza amandla amakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 118:15
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.


Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.


Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami.


Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Hlahlameleka ebukhosini bakho, uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.


Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.


Kepha abalungileyo bayajabula; bayethaba phambi kukaNkulunkulu bethokoza nokuthokoza.


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


Mhubeleni uJehova igama elisha, ngokuba wenze izimangaliso; esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba.


“Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.


Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: “Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyakoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kepha nina niyakujabha;


Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.


wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ