Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 111:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Imisebenzi kaJehova mikhulu, ifunwa yibo bonke abathokoza ngayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 111:2
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.


Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.


yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova.


Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.


Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla.


Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.


Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.


Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?


Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo, nethemba lakho aliyikunqunywa.


Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.


Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo* namagquma ngezisindo, na?


Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe, namandla ezimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.


nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ