Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 109:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 109:31
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.


Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kepha wazingela umuntu odingayo nompofu nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.


INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.


Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.


Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.


uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,


Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.


Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ