Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 107:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Bazulazula ehlane, abaze bayithola indlela yokuya emzini ababezohlala kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bazulazula endleleni eyihlane ehlane; abatholanga umuzi wokuhlala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 107:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo, azidukise ehlane elingenandlela.


Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.


Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.


Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwabakho ozifunayo nozicingayo.


Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.


Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.


“Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;


izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.


Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ