Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 107:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Babuthana emazweni, empumalanga nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 107:3
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.”


“Umzuzwana omncane ngakushiya, kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.


INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.”


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


“Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’


Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.


Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo,


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


lapho ngibabuyisile kubantu, ngibabuthile emazweni ezitha zabo, ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.


khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ