Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 107:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Inhliziyo yabo wayithobisa ngokuhlupheka, bawa, kepha akubanga bikho obasizayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho wehlisela kalukhuni izinhliziyo zabo; bawa, akwabakho osizayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 107:12
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli.


Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”


Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu.


“UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.


Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.


Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo, abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi: ‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’ wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”


“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova, “lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova, “negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.


Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.


AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.


USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo. Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ