Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 106:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 106:23
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe, nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.


Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.


nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.


Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”


“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


Anenyukelanga ezikhaleni, anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa-Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe.


“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.


wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.


“Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.


“Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga.


Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.


“Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ