Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 106:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 106:21
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.


Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye. Ngubani owakuzwisa lokhu endulo, wakumemezela kwasesikhathini samandulo na? Akusimina Jehova na? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.


Wathi: “Nempela bangabantu bami, abantwana abangakhohlisi,” waba ngumsindisi wabo.


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”


nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,


Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,


kepha ngesikhathi esifaneleyo ubonakalisile izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswayo ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu,


zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.


Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ