Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 104:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! zonke wazenza ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele ingcebo yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 104:24
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.


Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha.


Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,


Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ