Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 103:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Dumisani uJehova, nina zingelosi zakhe, enibusa ngamandla, enigcina imiyalo yakhe, nilalele izwi lezwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 103:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.


Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.


Mnikeni uJehova, nina madodana kaNkulunkulu, mnikeni uJehova udumo namandla.


abantu badla isinkwa sezingelosi, bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza.


“Mina-ke, ngomnyaka wokuqala kaDariyu umMede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na?


mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ