Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 103:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yomusa wayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 103:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,


Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,


Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.


Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?


Ngubani lona ovela kwa-Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira, lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na? “Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.”


Ngiyakubonga umusa kaJehova, ngimdumise uJehova ngakho konke uJehova asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.


UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.


xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Ngokuba abaholi beholile kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova.


Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ