Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 103:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 103:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyakubafundisa bona, khona abantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”


Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.


ukuba nikhumbule, niyenze yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


“Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ