Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 102:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo; abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Lokhu makulotshelwe isizukulwane, ukuze abantu abangakazalwa bamdumise uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo, futhi abantu abayodalwa bayomdumisa uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 102:18
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.


Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


UJehova wathi kuMose: “Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.”


laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.


onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”


ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.


Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


kepha ngizakukhuthalela ukuba ngezikhathi zonke emva kokumuka kwami nisale nizikhumbule lezo zinto.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ