Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 100:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade, nokwethembeka kwakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba uJehova muhle; umusa wakhe umi phakade; futhi iqiniso lakhe livela ezizukulwaneni ngezizukulwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 100:5
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.


owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


UJehova muhle, ulungile; ngalokho ufundisa izoni indlela.


Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.


Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ