Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesethi kubantu baseSukoti: “Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Wayesethi kubantu baseSukhothi: “Ngiyanicela, ake ninike laba abangilandelayo izinkwa, ngokuba bakhathele, futhi ngisalandela uZebha noZalimuna, amakhosi akwaMidiyani.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wayesethi kubantu baseSukoti: “Nikani abantu abangilandelayo izinkwa; ngoba bakhathele futhi ngibaxosha oSheba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 8:5
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.


UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.*


UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.


ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi kaJehova; ‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehova ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’


OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.


OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.


Wayesefika kubantu baseSukoti, wathi: “Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo, nathi: ‘Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?’ ”


U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ