Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu unikele esandleni senu abakhuzi bempi yakwaMidiyani, u-Orebhi noZebhi; yini engiyenzile engaqhathaniswa nenikwenzile, na?” Lapho esho lokhu, ulaka lwabo lwabohla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu wanikela izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi esandleni senu; futhi ngingenzani uma ngiqhathaniswa nawe? Intukuthelo yabo yehla kuye lapho esho lokhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 8:3
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.


Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.


Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula* asezitsheni zesiliva.


Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa, nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;


ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,


Wathi kubo: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na?


UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ