Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 8:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Isisindo samacici egolide awacelayo sasingamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa egolide, ngaphandle kwezimbedu ezinjengenyanga, neziqhaza, nezingubo ezibubende ezazembethwe ngamakhosi akwaMidiyani, nangaphandle kwamaketanga ayesezintanyeni zamakamela awo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Isisindo samacici egolide ayewacelile saba yi-1 700 amashekeli egolide, ngaphandle kwemihlobiso enhlobonhlobo nezingubo ezibukhwebezane ezazembathwa ngamakhosi akwaMidiyani, nemigexo eyayisezintanyeni zamakameli abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Isisindo samacici egolide awawacelayo sasingamashekeli ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa egolide; ngaphandle kwemihlobiso, namakholomu, nezingubo ezibubende ezaziphezu kwamakhosi akwaMidiyani, namaketanga asezintanyeni zamakamela awo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 8:26
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.


Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.


Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,


nezingcwecwe zesiliva ezilethwe zivela eTharishishi negolide lase-Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi, kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.


Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibithe lalinguseyili* wakho, laze laba yibhanela* kuwe; isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende, sivela eziqhingini zase-Elisha.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.


Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende;


Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”


Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,


impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele*, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,


bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!*


Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.


Bathi: “Siyakukunika wona impela.” Beneka ingubo, baphonsa khona, kwaba yilowo nalowo amacici empango yakhe.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ