Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 8:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Wayesethi uGideyoni kubo: “Ngiyacela kini, makube yilowo nalowo anginike icici kulawo eniwaphangile.” Isitha besinamacici egolide ngokuba bekungesakwa-Ishmayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UGideyoni wasesithi kubo: Ngizacela isicelo kini ukuthi linginike, ngulowo lalowo ecicini lempango yakhe. (Ngokuba babenamacici egolide, ngokuba babengama-Ishmayeli.)

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 8:24
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:


Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.


Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.


Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,


Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.


Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: “Khulumani kuye, nithi: ‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.’ ”


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.


Bonke abantu bakhumula-ke amacici egolide asezindlebeni zabo, bawayisa ku-Aroni.


Wawamukela ezandleni zabo, wawabumba ngengwedo, wawenza aba yithole elibunjiweyo, bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”


Ukukhazimula kwezimvunulo zakho bakubeka kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.


Bathi: “Siyakukunika wona impela.” Beneka ingubo, baphonsa khona, kwaba yilowo nalowo amacici empango yakhe.


Ngithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ