Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 6:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye: “Niyakumlwela uBali, nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni; uma engunkulunkulu, makazilwele yena, lokhu kukhona olibhidlizile i-altare lakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Kodwa uJowashi wathi kubo bonke ababemi bebhekene naye: “Niyakulwela uBhali, na? Nizama ukumsindisa, na? Oyakumlwela uBhali makabulawe ekuseni. Uma engunkulunkulu makazilwele yena, ngoba yi-althare lakhe elibhidliziwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 UJowashi wasesithi kubo bonke ababemelene laye: Lizammela yini uBhali? uzomsindisa na? noma ubani ofuna ukumncengela, makabulawe kusekusasa; uma engunkulunkulu, makazikhulumele, ngokuba kukhona odilizile i-altare lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 6:31
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngasemini u-Eliya wadlala ngabo, wathi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.”


Kwathi lapho isidlulile imini, baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaprofethi bakaBali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulala khona.


“Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo;


Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu; yebo, yenzani okuhle noma okubi, simangale, sikubone kanyekanye.


UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo, banzima ezilwaneni eziyethileyo.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.


“Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”


Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.”


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;


Base bethi abantu bomuzi kuJowashi: “Khipha indodana yakho ukuba ife, ngokuba ilibhidlizile i-altare likaBali nangokuba imgawulile u-Ashera* owayengakulo.”


Ngalokho ngalolo suku wambiza ngokuthi uJerubali,* ethi: “UBali makalwe naye ngokuba elibhidlizile i-altare lakhe.”


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ