Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 6:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJehova wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Kepha uSimakade wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuzukufa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJehova wasesithi kuye: Ukuthula kakube kuwe! ningesabi: aniyikufa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 6:23
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”


Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.


Yayisithi kubo: “Ukuthula makube kinina; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu; imali yenu ngayithola.” Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.


Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”


Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.”


kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Lase lithi ixhegu: “Ukuthula makube kuwe; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.”


Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ