Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 4:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 UBharaki waxosha amabutho agibele ezinqoleni nahamba ngezinyawo kwaze kwaba seHaroshethi labezizwe. Yonke impi kaSisera yafa ngenkemba, akwasala namunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe, yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba; akwasala muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 4:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!


ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba womhlabathi.


Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera, nakuJabini ngasemfuleni iKishoni,


Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.


okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.


Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho;


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.


Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo, wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.


UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ