Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 4:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni, abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini* laseShananimi eliseduze neKedeshi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UHebhere umKheni kodwa wayezehlukanisile namaKheni, ayeluzalo lukaHobhabhi, umukhwe kaMose, wamisa ithende lakhe ngasesihlahleni esikhulu eZananimi eliseduze neKedeshi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UHebhere, umKheni, owayevela kubantwana bakwaHobabi, umukhwe kaMose, wazahlukanisa namaKheni, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini laseSanayimi eKedeshi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 4:11
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no-Israyeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.


Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?”


UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.


UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”


Kuyakuthi uma uhamba nathi, yebo, kwenzeke ukuthi, noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.”


Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: “Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni.


Umkhawulo wabo wasuka eHelefi, kulo i-oki* laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani;


Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.


Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.


Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.


U-Akhishi wathi: “Ningenelephi namuhla na?” UDavide wathi: “Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ