Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 3:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


Bakhala kuwe, bakhululwa; bethemba wena, abaze bajabha.


Lapho ebabulala, bamfuna; babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi, walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”


UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo.


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli besakhala kuJehova ngenxa yakwaMidiyani,


Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ