Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 3:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu!” Behla emva kwakhe, bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi, abavumanga ukuba kuwele muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uSimakade uzinikele esandleni senu izitha zenu zakwaMowabi.” Behla bemlandela, bavimba emazibukweni omfula iJordani awelela kwaMowabi, abaze bavumela muntu ukuba awele kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu, abakwaMowabi, esandleni senu.” Behla bamlandela, bathumba amazibuko aseJordani kwaMowabi, abavumelanga muntu ukuba awele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 3:28
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.


Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.


UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?


AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,”


Babulala kwabakwaMowabi ngaleso sikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidlakela namajaha, akwaphunyuka muntu.


UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.


Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.”


Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: “Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”


Wathi kuwo: “Ngibukeni, nenze kanjalo; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani.


UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.


Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.


yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ