Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 3:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 U-Ehudi wasondela kuye; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo; wayesethi u-Ehudi: “Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe.” Wasukuma esihlalweni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 U-Ehudi weza kuyo ngesikhathi ihleli yodwa ophahleni ekamelweni layo elipholile, wathi: “Nginomyalezo wakho ovela kuNkulunkulu.” Yayisisukuma esihlalweni sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 U-Ehudi wayesesondela kuye; wahlala endlini yasehlobo, ayenakho konke. Wathi u-Ehudi: “Nginezwi elivela kuNkulunkulu ngawe.” Asukume esihlalweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 3:20
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”


U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke, ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.


Mnikeni uJehova, nina madodana kaNkulunkulu, mnikeni uJehova udumo namandla.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.


Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye, iziko elivuthayo liphambi kwayo.


Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.


Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi. Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, wena ndodana kaSipori:


Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali, wathi: “Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi.” Wathi: “Thulani.” Base bephuma bonke ababemi ngakuye.


U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ