Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa u-Ehudi wazenzela inkemba esika nhlangothi zombili, ubude bayo buyingalo; walibhinca ngaphansi kwengubo yakhe ethangeni lakhe lokunene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 3:16
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.


Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo, nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,


Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe, kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.


Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.


Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;


futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.


“Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


Wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho, kepha u-Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu.


U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ