Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 20:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Kweza malungana neGibheya amadoda ayizi-10 000 ayekhethwe kuwo wonke u-Israyeli. Impi yayinzima kakhulu, kodwa abakwaBhenjamini babengaboni ukuthi ingakanani inhlekelele eyayizobehlela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kwasekufika eGibeya amadoda akhethiweyo azinkulungwane ezilitshumi kuIsrayeli wonke, impi yayinzima, kodwa babengazi ukuthi ububi buphezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 20:34
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.


Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.


Kepha ububi buyakukwehlela, awuyikwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyikuba namandla okuyichezukisa, incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.


“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.


UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ