Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 2:19
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.


“Kepha sebephumulile, babuye benza okubi ebusweni bakho; wawusubashiya esandleni sezitha zabo, zaze zabusa phezu kwabo; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,


Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,


Bazinge bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: ‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’


Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.


“Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.


Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,


Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi.


Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.* Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ