Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 2:16
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.


Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.


Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.


UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.


Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.


UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?”


Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ