Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 2:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 2:15
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.


leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


“Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubhekisa ubuso bami kini kube kubi, kunqunywe uJuda wonke.


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni, eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi ningahambi ngokuzidla, ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.


Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali;


Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’


Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.


beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”


kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ