Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 18:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Umphristi wathi kuwo: “Hambani ngokuthula. Uhambo eniluthathile luphansi kweso likaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umpristi wasesithi kubo: Hambani ngokuthula, phambi kweNkosi, lizahamba lapho eliya khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 18:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: “Yenyukela eRamoti Gileyadi, ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma siliyeke, na?” Wathi kuyo: “Yenyuka, ube nempumelelo; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: “Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini.” UJetiro wathi kuMose: “Hamba nokuthula.”


Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.


izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.


Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini,


Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”


Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.


Wayesephendula u-Eli ethi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ