Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 17:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo muntu wayenza lokho ayekubona kulungile emehlweni akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli, kodwa yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 17:6
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.


abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu; izindebe zethu zinathi; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”


Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


“Aniyikwenza njengezinto zonke esizenzayo lapha namuhla, kube yilowo nalowo njengokulungile emehlweni akhe,


Waba yinkosi eJeshuruni, lapho izinhloko zabantu zazibuthene, zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala, ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


Bathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, lokhu kwenzelweni kwa-Israyeli ukuba kusilale namuhla esinye isizwe sakwa-Israyeli na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ