Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 17:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UMika wayesethi kuye: “Hlala kimi, ube ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho.” UmLevi wangena.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 UMikha wayesethi kuyo: “Hlala nami, ube ngubaba nomphristi wami, ngizokunika izinhlamvu zesiliva ezilishumi ngonyaka, nesembatho, nokudla.” UmLevi wahlala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UMika wayesethi kuye: “Hlala nami, ube ngubaba nompristi wami, ngikunike amashekeli ayishumi esiliva ngomnyaka, nengubo nokudla kwakho. Ngakho umLevi wangena.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 17:10
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.


U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: “Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”


U-Elisha wakubona, wamemeza wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?”


Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.


ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande* lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.


nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?


wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.


Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,


UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe.


UMika wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “NgingumLevi waseBetlehema Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo.”


Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.”


Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ