Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 15:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lapho efika eLehi, amaFilisti amemeza ngokumelene naye, futhi uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, nezintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zagqashuka ezandleni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 15:14
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.


ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.


UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’


Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: “Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?”


Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.


UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.


UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.


Basho kuye, bathi: “Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha, sikunikele esandleni sawo, kodwa impela asiyikukubulala.” Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.


AmaFilisti akhuphuka, amisa kwaJuda, ahlakazeka eLehi.


UDelila wayesethatha amagoda amasha, wambopha ngawo, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.


Abantu bambona, bamtusa unkulunkulu wabo, ngokuba bathi: “Unkulunkulu wethu unikele esandleni sethu isitha sethu nomchithi wezwe lakithi obulele abaningi phakathi kwethu.”


Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi. Wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi* igqatshulwa, lapho izwa umlilo. Ngalokho amandla akhe awaziwanga.


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


‘Angithi batholile babelana impango? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye; kuSisera impango yezingubo ezinemibala, impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.’


Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.


UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.


ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala.


Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ