Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 13:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kwathi lapho ilangabi lenyukela ezulwini, lisuka e-althare, ingelosi kaSimakade yenyuka ngalo, uManowa nomkakhe bebukela, base bethi mbo ngobuso emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 13:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:


Kwathi beselokhu behamba bekhuluma, bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabahlukanisa bobabili; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.


UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.


UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.


UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.


Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire.* Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.


Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


UGideyoni wangena, walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e-efa* lempuphu; wayibeka inyama eqomeni, wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki,* wakunikela.


Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ