Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 bathi kuye: “Shono uthi: ‘Shiboleti,’ ” abesethi: “Siboleti,” ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle; base bembamba, bambulala ngasemazibukweni aseJordani; kwawa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Base bethi kuye: “Yisho ukuthi Siboleti,” yena wathi Siboleti, ngokuba wayengenakukwazi ukulibiza kahle. Base bemthatha, bambulala ngasekuweleni kweJordani, kwawa ngaleso sikhathi kwabakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 12:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.


Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.


Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.


Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.


Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.”


Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”


Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.


AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,”


UJefta wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ