Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 12:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi, walwa no-Efrayimi; abantu bakwaGileyadi bamahlula u-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningababalekileyo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi phakathi kwabakwa-Efrayimi naphakathi kwabakwaManase.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UJeftha wayeseqoqa wonke amadoda akwaGileyadi, walwa nabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi abehlula abakwa-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningabakhoselayo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi, niphume phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJefta wayesebutha onke amadoda akwaGileyadi, walwa no-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi amchitha u-Efrayimi, ngokuba athi: “Nina maGileyadi ningababaleki bakwa-Efrayimi phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 12:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Ngase ngikhuleka ngathi: “Yizwa, Nkulunkulu wethu, ngokuba sidelelekile, ubuyisele inhlamba yabo phezu kwamakhanda abo, ubanikele ukuba baphangwe ezweni lokuthunjwa;


Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lokulwa.


Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.


Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.


Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.”


Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?”


AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,”


UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ