Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 11:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Aneneliswa yini yizwe unkulunkulu wenu uKhemoshi aninike lona laba yifa lenu, na? Thina asifanele yini ukudla lonke izwe uSimakade uNkulunkulu wethu asinqobele lona ukuba libe yifa lethu, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 11:24
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


Maye kuwena Mowabi! Abantu bakaKemoshi baphelile, ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.


Ngokuba ngenxa yokwethemba kwakho imisebenzi yakho nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Maye kuwena Mowabi! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi; unikele amadodana akhe abe ngababaleki, namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.


Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.


UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.


“Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na?


Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,


Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ