Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 11:16
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”


Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.


Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?


Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’


Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ