Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AbAhluleli 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wakhuphuka uJuda; uJehova wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sabo, babulala kubo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AbAhluleli 1:4
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma siliyeke, na?” Wathi kuyo: “Yenyuka, ube nempumelelo; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: “Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,


Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.


UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo: “Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani, nami ngiye esabelweni sakho.” USimeyoni wayesehamba naye.


EBezeki bafumana u-Adoni Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.


UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,


Wababala eBezeki; abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu.


Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.”


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ