Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




3 kaJohane 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Mzalwane, ngikufisela ukuba uphumelele kukho konke, futhi ube nokuphila okuhle, njengokuba umphefumulo wakho uphilile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Sithandwa, phezu kwakho konke ngifisa ukuba ube nenhlanhla futhi ube nempilo, njengokuba umphefumulo wakho uphumelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Sithandwa, phezu kwakho konke ngifisa ukuba ube nenhlanhla futhi ube nempilo, njengokuba umphefumulo wakho uphumelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




3 kaJohane 1:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.


Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.


yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,


Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso


Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.


kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;


kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.


Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.


Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ