Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuze indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kodwa uMefibhoshethi, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami.” UZiba wayenamadodana ali-15 nezinceku ezingama-20.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho wena namadodana akho nezinceku zakho kumelwe nimlimele insimu, futhi kumelwe nilethe izithelo, ukuze indodana yenkosi yenu ibe nokudla okudliwayo; kepha uMefibosheti, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami. USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 9:10
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yayisithi inkosi: “Iphi indodana yenkosi yakho na?” USiba wathi enkosini: “Bheka, ihlezi eJerusalema, ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli iyakubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”


Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.


Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”


Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”


“Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi, abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.


Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBabele zonke izinsuku zokuhamba kwakhe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.


Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ