Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 7:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Yisiphi isizwe esisodwa nje emhlabeni esinjengabantu bakho, u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho, owazihlengela bona eGibhithe ezizweni nakonkulunkulu bazo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho njengo-Israyeli, uNkulunkulu ahamba ukuzihlengela sona njengesizwe, nokumenzela igama, akwenzele izinto ezinkulu nezesabekayo ezweni lakho, phambi kwabantu bakho owabahlenga, eGibithe, ezizweni nakonkulunkulu bazo?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 7:23
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wazimisela ukuba abantu bakho u-Israyeli babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?


“Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.


izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.


Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe.


Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.


Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya!


Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude;


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni,


kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


owamisa izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibithe kuze kube namuhla nakwa-Israyeli naphakathi kwabanye abantu, wazenzela igama njenganamuhla,


wabakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu,


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.


“Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.


Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ