Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 7:11
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke,


Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.


“Ngokuba wena Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu;’ ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.


Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.


Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.”


kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.


uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli kuze kube phakade.’


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.


Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.


abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ