Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 6:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wababela abantu bonke, isixuku sonke sakwa-Israyeli, kwabesifazane namadoda, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, negabha lewayini. Basuka bonke abantu baya ezindlini zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 6:19
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.


UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.


Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.


Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.


Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.


Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”


Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula,* ngokuba ngiyafa uthando.


Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.”


UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ