Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 6:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi umphongolo kaJehova ufika emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide yeqa, isina phambi kukaJehova; wamdelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 6:16
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.”


UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.


Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.


UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.


Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.


Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami.


Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”


Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.”


UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide; bamtshela uSawule, kwaba kuhle emehlweni akhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ