Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 5:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha uDavide wayithumba inqaba yaseSiyoni; kungumuzi kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 5:7
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ”


UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.


Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.


Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.


USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.


UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.


Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.


Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo.


UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba.


Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.


UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni kunazo zonke izindlu zikaJakobe.


Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


“Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi, nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,” usho uJehova.


Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: “Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”


Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ